Ukuphila okungunaphakade

Kwakuyini ukukhonzwa koMbusi? Ngakube abantu baseRoma babekholwa ukuthi uKhesari ungunkulunkulu ngempela ? Kungani u-Amose kule drama wayeboshiwe ePhathmose njengokuba wabe engelona ikholwa ekuqaleni?

ABAFUNDI BAKAJESU : ITHEMBA EZIVUNGUVUNGWINI ZEMPILO

Kungani uJesu wabiza amadoda angafundile angenaziqu wawenza aba yisandla sakhe sokuphonsa? Yini umfanekiso futhi kungani uJesu wafundisa ngayo? UJesu wayeqonde ukuthini uma ethi uzobenza abafundi bakhe “abadobi babantu”?

UDANIYELI EMPHANDWINI WEZINGONYAMA : ITHEMBA EKUZINGELWENI

Lalikuphi iBhabhiloni futhi kungani inkosi yahlasela iJerusalema? Kungani inkosi yathatha oDaniyeli nabangani bakhe bayoba ngabathunjwa eBhabhiloni? UDaniyeli nabangani bakhe babebadala kangakanani ngamhla bethathwa beyiswa eBhabhiloni? Yini le eyayinenkinga ngalokhu kudla kwenkosi, kungani uDaniyeli nabangani bakhe benqaba ukukudla?

RAHABI: ISINDINDWA ESETHEMBA UNKULUNKULU

Bengicabanga ukuthi umholi wakwa Israel kwakungu Mose.Pho kwakungubani lo Joshuwa? Lalikuphi iJerikho futhi kwakungani ukuba abantu bakwa Israel bafune lelidolobha? Kwakungobani abantu baseJerikho ? Ngakube babengabantu abahle?

UJOSEFA NABAFOWA : ITHEMBA EKUZONDWENI

Babuyini ubumqoka bebhantshi likaJosefa lemibala? Kungani uJakobe wayethanda uJosefa kakhulu ngaphezu kwabanye abafana bakhe?

UNowa Nomkhumbi : Ithemba Emhlabeni Ogcwele Isono

Angiyikholwa indaba kaNowa nomkhumbi. Yinkufenkufe yento. Yinganekwane le. Kungani ungalindela abantu bayikholwe? Kungani uNkulunkulu wazisola ukuthi udalile uluntu? Kungani uNkulunkulou wakhetha uNowa nomndeni wakhe ukubasindisa esikhukhuleni?